26 Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.
27 Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo, zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi* zejoka lazo, ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo.
28 Azisayikuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyikuzidla, kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa muntu.
29 Ngiyakuzivusela insimu edumileyo; azisayikususwa yindlala ezweni, zingasalithwali ihlazo labezizwe.
30 Ziyakwazi ukuthi mina Jehova uNkulunkulu wazo nginazo nokuthi zona, indlu yakwa-Israyeli, zingabantu bami, isho iNkosi uJehova.
31 Nina niyizimvu zami, niyizimvu zedlelo lami; ningabantu, mina nginguNkulunkulu wenu, isho iNkosi uJehova.’ ”