16 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
17 “Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isahlala ezweni layo balingcolisa ngezindlela zabo nangezenzo zabo; indlela yabo yayingcolile phambi kwami njengowesifazane ekungcoleni kwakhe.
18 Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.
19 Ngabahlakazela phakathi kwezizwe, basabalaliselwa emazweni; ngabahlulela njengendlela yabo nezenzo zabo.
20 Nxa sebefika ezizweni lapho beya khona, balihlambalaza igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo.’
21 Kodwa ngalihawukela igama lami elingcwele eyayilingcolisile indlu yakwa-Israyeli phakathi kwezizwe, lapho yaya khona.
22 “Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi, uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe, lapho naya khona.