2 Wangidlulisa kuwo, ngawazungeza; bheka, ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi bheka, ayomile kakhulu.
3 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?”Ngathi: “Nkosi Jehova, wena uyazi.”
4 Wayesethi kimi: “Profetha phezu kwalawa mathambo, uthi kuwo: ‘Nina mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova.
5 Isho kanje iNkosi uJehova kulawa mathambo, ithi: Bhekani, ngiyakungenisa kini umoya, niphile.
6 Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu, ngihlumise inyama phezu kwenu, nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”
7 Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe, nalapho ngiprofetha kwaba khona umsindo nokugunquza; amathambo asondelana, ithambo kulo ithambo.
8 Ngase ngibona; bheka, kwakukhona imisipha phezu kwawo, kwahluma nenyama, nesikhumba sawasibekela ngaphezulu, kepha umoya wawungekho kuwo.