10 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuyakuthi ngalolo suku kuvele izinto enhliziyweni yakho, ucebe amacebo amabi.
11 Uyakuthi: “Ngiyakwenyukela ezweni elisobala, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile, bonke abahlala bengenalugange, kungekho kubo imigoqo nezicabha,
12 ukuze uphange impango, ubamuke impahla, bese wuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe.”
13 ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo zonke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: “Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla, ususe isiliva negolide, uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na?” ’
14 “Ngalokho profetha, ndodana yomuntu, uthi kuGogi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngalolo suku, lapho abantu bami u-Israyeli behlala belondekile, angithi uyakukwazi na?
15 Uyakuvela endaweni yakho ekugcineni kwasenyakatho, wena nabantu abaningi kanye nawe, bonke bekhwele amahhashi, iviyo elikhulu nempi enamandla,
16 ukhuphukele ukulwa nabantu bami u-Israyeli njengefu lokusibekela izwe; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe Gogi emehlweni azo.