13 ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo zonke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: “Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla, ususe isiliva negolide, uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na?” ’
14 “Ngalokho profetha, ndodana yomuntu, uthi kuGogi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngalolo suku, lapho abantu bami u-Israyeli behlala belondekile, angithi uyakukwazi na?
15 Uyakuvela endaweni yakho ekugcineni kwasenyakatho, wena nabantu abaningi kanye nawe, bonke bekhwele amahhashi, iviyo elikhulu nempi enamandla,
16 ukhuphukele ukulwa nabantu bami u-Israyeli njengefu lokusibekela izwe; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe Gogi emehlweni azo.
17 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena unguye engakhuluma ngaye ngezinsuku zamandulo ngezandla zezinceku zami abaprofethi bakwa-Israyeli ababeprofetha ngalezo zinsuku iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuyisa kubo na?
18 Kuyakuthi ngalolo suku lapho uGogi efika ezweni lakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova, ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami.
19 Ngomhawu wami nangomlilo wolaka lwami ngikhulumile, ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba ngukuthuthumela okukhulu ezweni lakwa-Israyeli