2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuGogi, izwe likaMagogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali, uprofethe ngaye,
3 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali;
4 ngiyakukuguqula, ngifake izingwegwe emihlathini yakho, ngikukhiphe kanye nayo yonke impi yakho, amahhashi nabamahhashi, bonke bembethe kahle kakhulu, iviyo elikhulu elinamahawu nezihlangu, bonke bephethe izinkemba,
5 iPheresiya, neKushe, noPhuthi kukanye nabo, bonke benezihlangu nezigqoko zensimbi,
6 iGomere nawo onke amaviyo alo, indlu kaThogarma ngasekugcineni kwasenyakatho nawo onke amaviyo akhe, abantu abaningi kanye nawe.
7 “ ‘Lungela, yebo, uzilungisele, wena nawo onke amaviyo akho abuthene kuwe, ube ngumgcini wawo.
8 Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni, liqoqwe ezizweni eziningi, ezintabeni zakwa-Israyeli ezaziyincithakalo njalo, eselikhishiwe kubantu, bahlale belondekile bonke.