20 ukuba kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu abasebusweni bomhlaba, izintaba zidilizelwe phansi, amawa awe, nezingange zonke ziwele phansi.