6 iGomere nawo onke amaviyo alo, indlu kaThogarma ngasekugcineni kwasenyakatho nawo onke amaviyo akhe, abantu abaningi kanye nawe.
7 “ ‘Lungela, yebo, uzilungisele, wena nawo onke amaviyo akho abuthene kuwe, ube ngumgcini wawo.
8 Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni, liqoqwe ezizweni eziningi, ezintabeni zakwa-Israyeli ezaziyincithakalo njalo, eselikhishiwe kubantu, bahlale belondekile bonke.
9 Uyakukhuphuka, ufike njengesivunguvungu, usibekele izwe njengefu, wena nawo onke amaviyo akho, nabantu abaningi kanye nawe.
10 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuyakuthi ngalolo suku kuvele izinto enhliziyweni yakho, ucebe amacebo amabi.
11 Uyakuthi: “Ngiyakwenyukela ezweni elisobala, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile, bonke abahlala bengenalugange, kungekho kubo imigoqo nezicabha,
12 ukuze uphange impango, ubamuke impahla, bese wuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe.”