13 Bonke abantu bezwe bayakubembela, kube ludumo lwabo ngosuku engiyakukhazimuliswa ngalo, isho iNkosi uJehova.
14 “ ‘Bayakwahlukanisa njalo abantu abayakudabula izwe, bembele ababedabula besasele ebusweni bomhlaba, baze balihlambulule; bayakucinga ngasekugcineni kwezinyanga eziyisikhombisa.
15 Lapho abadlula ezweni bedlula babone ithambo lomuntu, bayakumisa isiboniso eceleni kwalo, abembelayo baze balimbele esiGodini saseHamoni Gogi.
16 Kuyakuba khona futhi nomuzi ogama lawo liyakuba yiHamoni. Bayakuhlambulula kanjalo izwe.’
17 “Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yisho ezinyonini zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle, uthi: ‘Buthani, nifike, nihlanganyele umhlatshelo wami nxazonke engiwuhlaba ngenxa yenu, umhlatshelo omkhulu ezintabeni zakwa-Israyeli, ukuba nidle inyama, niphuze igazi.
18 Niyakudla inyama yamaqhawe, niphuze igazi lezikhulu zomhlaba, elezinqama, nelamawundlu, nelezimbuzi, nelezinkunzi, ezikhulupheleyo zaseBashani zonke.
19 Niyakudla amanoni nize nisuthe, niphuze igazi nize nidakwe emhlatshelweni wami engiwuhlaba ngenxa yenu.