2 Ngiyakukuguqula, ngikuhole, ngikwenyuse ekugcineni komhlaba, ngikuyise ezintabeni zakwa-Israyeli,
3 ngishaye phansi umnsalo esandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esandleni sakho sokunene.
4 Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho onke, nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.
5 Uyakuwa ebusweni bomhlaba, ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.
6 Ngiyakuthuma umlilo kuMagogi nakwabahlala belondekile eziqhingini, bazi ukuthi nginguJehova.
7 “ ‘Ngiyakwenza ukuba laziwe igama lami elingcwele phakathi kwabantu bami u-Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, oNgcwele wakwa-Israyeli.
8 Bheka, kuyeza, kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova; yilolo suku engikhulume ngalo.