25 “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa-Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele.
26 Bayakuthwala ihlazo labo nazo zonke izeqo zabo abeqe ngazo kimi, lapho beyakuhlala belondekile ezweni lakubo, kungabikho obesabisayo,
27 lapho ngibabuyisile kubantu, ngibabuthile emazweni ezitha zabo, ngingcwelisiwe emehlweni ezizwe eziningi.
28 Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo ngokubathumba kwami phakathi kwezizwe, nangokuba ngababutha ezweni lakubo; angisayikushiya muntu wabo khona;
29 angisayikusitheza ubuso bami kubo, ngokuba ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwendlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.”