9 “Futhi zithathele ukolweni, nebhali,* nobhontshisi, nembumba, nonyaluthi, nesipelite,* ukubeke esitsheni sibe sinye, uzenzele isinkwa ngakho ngokomumo wezinsuku oyakulala ngazo ngohlangothi lwakho, izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye, usidle.
10 Ukudla kwakho oyakukudla kuyakuba ngesilinganiso, amashekeli* angamashumi amabili ngosuku, ukudle izikhathi ngezikhathi.
11 Namanzi uyakuwaphuza ngesilinganiso, inxenye yesithupha yehini,* uphuze izikhathi ngezikhathi.
12 Uyakukudla kungathi amaqebelengwane ebhali,* uwenze phambi kwabo ngendle ephuma kumuntu.”
13 Wathi uJehova: “Kanjalo nabantwana bakwa-Israyeli bayakusidla isinkwa sabo singcolile phakathi kwezizwe engiyakubaxoshela kuzo.”
14 Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.”
15 Wathi kimi: “Bheka, ngikunike umquba esikhundleni sendle yomuntu; uyakusenza isinkwa sakho phezu kwawo.”