15 Kusukela phambi kwesango ngasekungeneni kuze kube phambi kompheme wesango elingaphakathi kwakuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
16 Kwakukhona amafasitele avaliweyo, kuwo amakamelo nakuzo izinsika ngaphakathi kwesango nxazonke, kanjalo nakuyo imengamo; kwakukhona amafasitele nxazonke ngaphakathi namasundu ezinsikeni.
17 Wayesengingenisa egcekeni elingaphandle; bheka, lapho kwakukhona amakamelo nendawo egandayiweyo eyenzelwe igceke nxazonke; kwakukhona amakamelo angamashumi amathathu endaweni egandayiweyo.
18 Indawo egandayiweyo yayiseceleni kwamasango, ilingene nobude bamasango; lokhu kwakuyindawo egandayiweyo ephansi.
19 Wayeselinganisa ububanzi kusukela phambi kwesango elingenzansi kuze kube phambi kwegceke elingaphakathi ngaphandle: yizingalo eziyikhulu ngasempumalanga nangasenyakatho.
20 Wayeselinganisa ubude nobubanzi besango legceke elingaphandle elibheke ngasenyakatho.
21 Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha; izinsika zalo nemengamo yalo kwakunjengesilinganiso sesango sokuqala; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.