24 Wayesengiyisa ngaseningizimu; bheka, isango lingaseningizimu; walinganisa izinsika zalo nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla.
25 Kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke njengamafasitele angenhla; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
26 Kwakukhona izinyathelo eziyisikhombisa zokukhuphukela kulo, imengamo iphambi kwazo; lalinamasundu, lilinye ngalapha nelinye ngalapha ezinsikeni zalo.
27 Kwakukhona isango legceke elingaphakathi ngaseningizimu; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni ngaseningizimu, izingalo eziyikhulu.
28 Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngesango laseningizimu; walilinganisa isango laseningizimu njengezilinganiso zasenhla.
29 Amakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo kwakunjengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo nxazonke; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
30 Kwakukhona imengamo nxazonke, ubude bayo buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu, nobubanzi bayo buyizingalo eziyisihlanu.