33 namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
34 Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.
35 Wayesengiyisa esangweni lasenyakatho, walilinganisa njengezilinganiso zasenhla,
36 namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo; kwakukhona amafasitele kulo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
37 Izinsika zalo zazibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.
38 Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.
39 Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.