37 Izinsika zalo zazibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.
38 Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.
39 Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.
40 Eceleni ngaphandle lapho kukhushukelwa esivalweni sesango ngasenyakatho kwakukhona amatafula amabili, nakolunye uhlangothi olungasemphemeni wesango amatafula amabili.
41 Amatafula amane ayengalapha, namatafula amane ayengalapha eceleni kwesango, amatafula ayisishiyagalombili ababehlabela kuwo.
42 Kwakungamatafula amane omnikelo wokushiswa amatshe abaziweyo, ubude buyingalo nenxenye, nobubanzi buyingalo nenzenye, nokuphakama kuyingalo, ababeka phezu kwawo izinto abahlaba ngazo umnikelo wokushiswa nomhlatshelo.
43 Izingwegwe, ubude bazo bungububanzi besandla, zazifakiwe ngaphakathi nxazonke; ematafuleni kwakukhona inyama yomnikelo.