4 Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise; yitshele indlu yakwa-Israyeli konke okubonayo.”
5 Bheka, kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu nxazonke, nasesandleni somuntu kwakukhona uhlanga lokulinganisa, luyizingalo eziyisithupha, yileyo naleyo iyingalo nobubanzi besandla; walinganisa ububanzi besakhiwo: luhlanga lunye; nokuphakama: luhlanga lunye.
6 Wayeseya esangweni elalibheke empumalanga, wakhuphuka ngezinyathelo zalo, walinganisa umbundu wesango; ububanzi bawo babuluhlanga lunye.
7 Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga lunye, nobubanzi balo buluhlanga lunye; okwakuphakathi kwamakamelo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini wawuluhlanga lunye.
8 Walinganisa nompheme wesango ngasendlini: luhlanga lunye.
9 Wayeselinganisa umpheme wesango: yizingalo eziyisishiyagalombili; nezinsika zalo: yizingalo ezimbili; umpheme wesango wawungasendlini.
10 Amakamelo abalindi asesangweni ngasempumalanga ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha, eyisilinganiso sinye; nezinsika zaziyisilinganiso sinye ngalapha nangalapha.