9 Wayeselinganisa umpheme wesango: yizingalo eziyisishiyagalombili; nezinsika zalo: yizingalo ezimbili; umpheme wesango wawungasendlini.
10 Amakamelo abalindi asesangweni ngasempumalanga ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha, eyisilinganiso sinye; nezinsika zaziyisilinganiso sinye ngalapha nangalapha.
11 Walinganisa ububanzi besikhala sesango: yizingalo eziyishumi; nobude besango: yizingalo eziyishumi nantathu;
12 nomkhawulo ngaphambi kwamakamelo abalindi: yingalo inye; nomkhawulo ngalapha: yingalo inye; namakamelo abalindi: yizingalo eziyisithupha ngalapha nezingalo eziyisithupha ngalapha.
13 Walinganisa isango kusukela ophahleni lwelinye ikamelo kuze kube sophahleni lwelinye, ububanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu, umnyango ubhekene nomnyango.
14 Wenza nezinsika: yizingalo ezingamashumi ayisithupha, isango lifinyelela ensikeni yegceke nxazonke.
15 Kusukela phambi kwesango ngasekungeneni kuze kube phambi kompheme wesango elingaphakathi kwakuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.