3 Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: yizingalo ezimbili; nomnyango: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bomnyango: yizingalo eziyisikhombisa.
4 Walinganisa ubude bokuphakathi: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi: yizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: “Lokhu kuyindawo engcwele kakhulu.”
5 Wayeselinganisa udonga lwendlu: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bamakamelo ezinhlangothi: yizingalo ezine nxazonke zendlu emaceleni onke.
6 Amakamelo ezinhlangothi ayemathathu elakanyene elinye phezu kwelinye, engamashumi amathathu ngomumo. Angena odongeni olwalungolwendlu lwamakamelo ezinhlangothi nxazonke ukuba abambelele kulo, angabambeleli odongeni lwendlu.
7 Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni njalo nxazonke, ngokuba okuzungeza indlu kwakhuphuka njalo nxazonke zendlu; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu ngeliphakathi.
8 Ngabona ukuthi indlu yayinendunduma nxazonke; izisekelo zamakamelo ezinhlangothi zaziluhlanga olupheleleyo lwezingalo eziyisithupha kuze kube sekuhlanganisweni phezulu.
9 Uhlonze lodonga olwalungolwamakamelo ezinhlangothi ngaphandle lwaluyizingalo eziyisihlanu; indawo eseleyo yayingeyamakamelo ezinhlangothi endlu.