4 Ngaphambi kwamakamelo kwakukhona indlela yokuhamba, ububanzi bayo buyizingalo eziyishumi ngaphakathi, nobude bayo buyizingalo eziyikhulu; iminyango yawo yayingasenyakatho.
5 Amakamelo aphezulu ayemafushane, ngokuba imipheme yanciphisa kulawa kunakwaphansi naphakathi esakhiweni.
6 Ngokuba ayelakanyene kathathu; ayengenazinsika njengezinsika zamagceke; ngalokho angaphezulu ayehlehlile kunaphansi naphakathi kusukela emhlabathini.
7 Ugange olwalungaphandle eceleni kwamakamelo ngasegcekeni elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
8 Ngokuba ubude bamakamelo ayesegcekeni elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, kepha bheka, ngaphambi kwethempeli kwakuyizingalo eziyikhulu.
9 Kusukela phansi kwalawa makamelo kwakukhona ukungena ngasempumalanga, lapho kwangenwa kuwo kuvelwa egcekeni elingaphandle.
10 Lapho ugange lwegceke lwaludumbile khona ngasempumalanga, ngaphambi kwendawo eyahlukanisiweyo naphambi kwesakhiwo, kwakukhona amakamelo nalapho.