1 Wayesengiyisa esangweni, isango elibheke ngasempumalanga;
2 bheka, inkazimulo kaJehova ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, izwi lakhe lalinjengokuholoba kwamanzi amaningi, umhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.
3 Kwaba njengesimo sombono engawubonayo, yebo, njengombono engawubona lapho ngeza ukuwuchitha umuzi; imibono yayinjengombono engawubona ngasemfuleni iKhebari; ngawa ngobuso bami.
4 Inkazimulo kaJehova yangena endlini ngendlela yesango elibheke ngasempumalanga.
5 UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yayigcwalisa indlu.