Uhezekeli 43:7-13 ZUL59

7 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade; indlu yakwa-Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,

8 bebeka umbundu wabo ngasembundwini wami, nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami, kube ludonga kuphela phakathi kwami nabo, belingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo, okungalokho ngabaqeda ngolaka lwami.

9 Manje mabadedisele kude nami ukuphinga kwabo, nezidumbu zamakhosi abo, ngihlale phakathi kwabo kuze kube phakade.

10 “Wena ndodana yomuntu, bonisa abendlu yakwa-Israyeli le ndlu ukuba babe namahloni ngobubi babo, balinganise isimo sayo.

11 Uma benamahloni ngakho konke abakwenzileyo, mawubazise isimo sendlu, nokubonakala kwayo, nezindawo zayo zokuphuma, nezindawo zayo zokungena, yebo, sonke isimo sayo kanye nazo zonke izimiso zayo, nazo zonke izimo zazo kanye nayo yonke imithetho yayo, ukulobe emehlweni abo ukuba bagcine sonke isimo sayo nazo zonke izimiso zayo, bazenze.

12 “Nanku umthetho wendlu: esiqongweni sentaba wonke umkhawulo wayo nxazonke uyakuba ngcwele kakhulu. Bheka, lokhu kungumthetho wendlu.

13 “Lezi zaziyizilinganiso ze-altare ngezingalo, ingalo iyingalo nobubanzi besandla: isinqe sasiyingalo ukuphakama kwaso, nobubanzi buyingalo; umncele walo ngaseceleni kwalo nxazonke wawunjengokudazuluka kweminwe; lokhu kwakungukuphakama kwe-altare;