1 Wayesengibuyisa ngendlela yesango elingaphandle lendlu engcwele, elibheke ngasempumalanga.
2 UJehova wathi kimi: “Leli sango liyakuvalwa, aliyikuvulwa, akuyikungena muntu ngalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ungenile ngalo; liyakuhlala livaliwe.
3 Kepha isikhulu, siyisikhulu, siyakuhlala kulo, sidle phambi kukaJehova; siyakungena ngendlela yompheme wesango, siphume ngendlela yawo futhi.”
4 Wayesengiyisa ngaphambi kwendlu ngendlela yesango lasenyakatho; ngabuka, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova, ngawa ngobuso bami.