14 Yebo, ngiyakuwabeka abagcini benkonzo yendlu emsebenzini wonke wayo kukho konke okuyakwenziwa kuyo.
15 “ ‘Kepha abapristi bamaLevi, amadodana kaSadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele lapho abantwana bakwa-Israyeli beduka kimi, bayakusondela kimi, bangikhonze, beme phambi kwami, banikele kimi ngamanoni nangegazi, isho iNkosi uJehova;
16 bayakungena endlini yami engcwele, basondele etafuleni lami ukuba bangikhonze, bagcine inkonzo yami.
17 “ ‘Kuyakuthi lapho bengena emasangweni egceke elingaphakathi, bembathiswe izambatho zelineni, uboya bezimvu bungabathinti, lapho bekhonza emasangweni egceke elingaphakathi nasendlini.
18 Bayakuba nezigqoko zelineni emakhanda abo, babe namabhulukwe elineni okhalweni lwabo, bangabhinci okujulukisayo.
19 Lapho bephumela egcekeni elingaphandle, igceke elingaphandle labantu, bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.
20 “ ‘Abayikuphucula amakhanda abo, bangavumi izihluthu zabo zibe zide, kepha bayakugunda amakhanda abo.