20 “ ‘Abayikuphucula amakhanda abo, bangavumi izihluthu zabo zibe zide, kepha bayakugunda amakhanda abo.
21 Akuyikuphuza iwayini noyedwa umpristi, lapho bengena egcekeni elingaphakathi.
22 Abayikuthatha umfelokazi nolahliweyo babe ngabafazi babo, kepha bathathe izintombi zozalo lwendlu yakwa-Israyeli, noma umfelokazi ongumfelokazi wompristi.
23 Bayakufundisa abantu bami ukwahlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umahluko phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo.
24 “ ‘Ekuphikisaneni bayakuma ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, balingcwelise isabatha lami.
25 “ ‘Abayikuthinta ofileyo, funa bazingcolise, kepha ngoyise, nangonina, nangendodana, nangendodakazi, nangomfowabo, nangodadewabo ongenandoda bangazingcolisa.
26 Nxa esehlambulukile, uyakubalelwa izinsuku eziyisikhombisa.