6 Uyakusho kuyo indlu ehlubukileyo yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nina ndlu yakwa-Israyeli, mazanele kini zonke izinengiso zenu,
7 lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele, bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami, nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.
8 Anigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kepha nibeke abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.
9 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akuyikungena endlini yami engcwele owezizwe ongasokile ngenhliziyo nongasokile ngenyama kubo bonke abezizwe abaphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
10 “ ‘Kepha amaLevi adeda kude nami lapho u-Israyeli eduka, eduka elandela izithombe zawo, ayakuthwala ububi bawo,
11 abe yizikhonzi endlini yami engcwele, abonise amasango endlu, akhonze endlini, ahlabe iminikelo yokushiswa nemihlatshelo yabantu, eme phambi kwabo ukuba abakhonze.
12 Ngokuba ebebakhonza phambi kwezithombe zabo, aba yisikhubekiso sobubi kuyo indlu yakwa-Israyeli, ngalokho ngiphakamisile isandla sami kuwo, isho iNkosi uJehova, athwale ububi bawo.