9 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Makwanele kini nina zikhulu zakwa-Israyeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova.
10 Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo, ne-efa* elilungileyo, nebhati* elilungileyo.
11 I-efa nebhati kuyakuba yisilinganiso sinye, ukuze ibhati lifumbathe okweshumi kwehomere,* ne-efa okweshumi kwehomere, isilinganiso salo sibe ngokwehomere.
12 Ishekeli* liyakuba ngamagera* angamashumi amabili; amashekeli angamashumi amabili, namashekeli angamashumi amabili nanhlanu, namashekeli ayishumi nanhlanu ayakuba yimane* kini.
13 “ ‘Lokhu kungumnikelo eniyakunikela ngawo: inxenye yesithupha ye-efa lehomere likakolweni nenxenye yesithupha ye-efa lehomere lebhali,*
14 namafutha anqunyiweyo, ibhati lamafutha: inxenye yeshumi yebhati lekhori* elingamabhati ayishumi njengehomere, ngokuba amabhati ayishumi ayihomere,
15 newundlu linye ezimvini ezingamakhulu amabili zasemadlelweni anamanzi akwa-Israyeli, libe ngumnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, nomnikelo wokuthula ukubenzela ukubuyisana, isho iNkosi uJehova.