17 Kepha uma sinika enye yezinceku zaso isipho sasefeni laso, siyakuba ngesayo kuze kube semnyakeni wokukhululeka, bese sibuyela esikhulwini; kepha ifa laso liyakuba ngelamadodana aso.
18 Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe.’ ”
19 Wayesengingenisa ngendawo yokungena eseceleni kwesango emakamelweni angcwele abapristi, abheke ngasenyakatho; bheka, kwakukhona lapho indawo ngasemuva ngasentshonalanga.
20 Wathi kimi: “Nansi indawo lapho abapristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, nalapho beyakwenza khona umnikelo wempuphu, ukuze bangawuphumiseli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”
21 Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle, wangidlulisa ezingosini zozine zegceke; bheka, ezingosini zonke zegceke kwakukhona ibala.
22 Ezingosini zozine zegceke kwakukhona amabala ahlukanisiweyo, ubude buyizingalo ezingamashumi amane, nobubanzi bungezingamashumi amathathu; lawa omane asezingosini ayeyisilinganiso sinye.
23 Phakathi kwawo nxazonke, nxazonke zawo omane, kwakukhona ugange olwenziwe lunamaziko phansi ogangeni nxazonke.