20 Wathi kimi: “Nansi indawo lapho abapristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, nalapho beyakwenza khona umnikelo wempuphu, ukuze bangawuphumiseli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”
21 Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle, wangidlulisa ezingosini zozine zegceke; bheka, ezingosini zonke zegceke kwakukhona ibala.
22 Ezingosini zozine zegceke kwakukhona amabala ahlukanisiweyo, ubude buyizingalo ezingamashumi amane, nobubanzi bungezingamashumi amathathu; lawa omane asezingosini ayeyisilinganiso sinye.
23 Phakathi kwawo nxazonke, nxazonke zawo omane, kwakukhona ugange olwenziwe lunamaziko phansi ogangeni nxazonke.
24 Wathi kimi: “Nazi izindlu zokuphekela izikhonzi zendlu eziyakuphekela kuzo imihlatshelo yabantu.”