1 Wayesengibuyisela emnyango wendlu; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi, ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare.
2 Wayesengiphumisa ngendlela yesango ngasenyakatho, wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle, elibheke endleleni yasempumalanga; bheka, kwampompoza amanzi ohlangothini lokunene.
3 Lapho umuntu esephuma, eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni.
4 Wabuye walinganisa inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emadolweni. Walinganisa futhi inkulungwane, wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni.
5 Wayesebuye walinganisa inkulungwane; kwakungumfula engingenakuwudabula, ngokuba amanzi ayekhulile, angamanzi okuhlamba, angumfula ongenakudatshulwa.
6 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, usubonile na?”Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula.