11 Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyikuphiliswa; kuyakunikelwa kube ngusawoti.
12 Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke, ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”
13 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.
14 Niyakulidla, kube yilowo nalowo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu.
15 “Nanku umkhawulo wezwe: ohlangothini lwasenyakatho, kusukela eLwandle Olukhulu ngendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eSedadi,
16 naseHamati, naseBerotha, naseSibirayimi eliphakathi komkhawulo waseDamaseku nomkhawulo waseHamati, naseHaseri eliphakathi elingasemkhawulweni waseHawurana.
17 Umkhawulo osuka elwandle uyakuba yiHasari Enani ngasemkhawulweni waseDamaseku, nasenyakatho ngasenyakatho umkhawulo uyiHamati. Lolu luluhlangothi lwasenyakatho.