19 “Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu luyakusukela eTamari, luze lube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni ngaseLwandle Olukhulu. Lolu luluhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu.
20 “Uhlangothi lwasentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emkhawulweni kuze kuqondane nokuya eHamati. Lolu luluhlangothi lwasentshonalanga.
21 “Niyakuzahlukanisela leli zwe ngokwezizwe zakwa-Israyeli.
22 Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu. Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.
23 Kuyakuthi esizweni lapho umfokazi egogobele khona, nimnike lapho ifa lakhe, isho iNkosi uJehova.