3 Lapho umuntu esephuma, eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni.
4 Wabuye walinganisa inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emadolweni. Walinganisa futhi inkulungwane, wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni.
5 Wayesebuye walinganisa inkulungwane; kwakungumfula engingenakuwudabula, ngokuba amanzi ayekhulile, angamanzi okuhlamba, angumfula ongenakudatshulwa.
6 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, usubonile na?”Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula.
7 Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula, ngalapha nangalapha.
8 Wayesethi kimi: “Lawa manzi aphumela esifundeni sasempumalanga, ehlele e-Araba, aye elwandle, aye elwandle lana aphunyisiweyo, kuphiliswe amanzi alo.
9 Kuyakuthi konke okuphilayo okuswebezelayo kuphile ezindaweni zonke lapho ifika khona leyo mifula emibili, kube yizinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba esefike khona lawa manzi, awolwandle ayakuphiliswa, kuphile konke, lapho umfula ufika khona.