1 “Nanka amagama ezizwe. Kusukela ekugcineni kwasenyakatho eceleni kwendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eHamati naseHasari Enani, emkhawulweni waseDamaseku ngasenyakatho, eceleni kweHamati, uDani uyakuba nesabelo, abe nohlangothi lwasempumalanga kuze kube sentshonalanga.
2 “Ngasemkhawulweni wakwaDani, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Asheri uyakuba nesabelo.
3 “Ngasemkhawulweni wakwa-Asheri, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uNafetali uyakuba nesabelo.
4 “Ngasemkhawulweni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uManase uyakuba nesabelo.
5 “Ngasemkhawulweni wakwaManase, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Efrayimi uyakuba nesabelo.
6 “Ngasemkhawulweni wakwa-Efrayimi, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uRubeni uyakuba nesabelo.
7 “Ngasemkhawulweni wakwaRubeni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uJuda uyakuba nesabelo.