12 Uyakuba kubo umnikelo womnikelo wezwe, into engcwelengcwele, ngasemkhawulweni wamaLevi.
13 “Maqondana nomkhawulo wabapristi amaLevi ayakuba nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi, bonke ubude bube yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi.
14 Abayikuthengisa ngawo, bangenani ngawo, bangahlukaniseli abanye ulibo lwezwe, ngokuba lingcwele kuJehova.
15 “Izinkulungwane eziyisihlanu ezisele ebubanzini nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zasebudeni ziyakuba ngezokungengcwele, zibe ngezomuzi, ezokwakha nezamadlelo, umuzi ube phakathi nazo.
16 Nazi izilinganiso zalo: uhlangothi lwasenyakatho yizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwaseningizimu izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nasohlangothini lwasempumalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwasentshonalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu.
17 Umuzi uyakuba namadlelo: ngasenyakatho ngamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangaseningizimu amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasempumalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasentshonalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu.
18 Okusele ebudeni maqondana nomnikelo ongcwele kuyakuba yizinkulungwane eziyishumi ngasempumalanga, nezinkulungwane eziyishumi ngasentshonalanga, kuqondane nomnikelo ongcwele, izithelo zawo zibe ngukudla kwabasebenza emzini.