Uhezekeli 48:16-22 ZUL59

16 Nazi izilinganiso zalo: uhlangothi lwasenyakatho yizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwaseningizimu izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nasohlangothini lwasempumalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwasentshonalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu.

17 Umuzi uyakuba namadlelo: ngasenyakatho ngamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangaseningizimu amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasempumalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasentshonalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu.

18 Okusele ebudeni maqondana nomnikelo ongcwele kuyakuba yizinkulungwane eziyishumi ngasempumalanga, nezinkulungwane eziyishumi ngasentshonalanga, kuqondane nomnikelo ongcwele, izithelo zawo zibe ngukudla kwabasebenza emzini.

19 Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela ezizweni zonke zakwa-Israyeli.

20 Wonke umnikelo uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine kanye nefa lomuzi.

21 “Okuseleyo kuyakuba ngokwesikhulu ngalapha nangalapha komnikelo ongcwele nefa lomuzi maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zomnikelo ngasemkhawulweni wasempumalanga, nasentshonalanga maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasemkhawulweni wasentshonalanga, kuqondane nezabelo, kube ngokwesikhulu; umnikelo ongcwele nendlu engcwele kube phakathi nakho.

22 Okusukela efeni lamaLevi nasefeni lomuzi kuyakuba phakathi kokwesikhulu, okwesikhulu kube phakathi komkhawulo wakwaJuda nomkhawulo wakwaBenjamini.