19 Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela ezizweni zonke zakwa-Israyeli.
20 Wonke umnikelo uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine kanye nefa lomuzi.
21 “Okuseleyo kuyakuba ngokwesikhulu ngalapha nangalapha komnikelo ongcwele nefa lomuzi maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zomnikelo ngasemkhawulweni wasempumalanga, nasentshonalanga maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasemkhawulweni wasentshonalanga, kuqondane nezabelo, kube ngokwesikhulu; umnikelo ongcwele nendlu engcwele kube phakathi nakho.
22 Okusukela efeni lamaLevi nasefeni lomuzi kuyakuba phakathi kokwesikhulu, okwesikhulu kube phakathi komkhawulo wakwaJuda nomkhawulo wakwaBenjamini.
23 “Izizwe eziseleyo-ke: kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uBenjamini uyakuba nesabelo.
24 “Ngasemkhawulweni wakwaBenjamini, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uSimeyoni uyakuba nesabelo.
25 “Ngasemkhawulweni wakwaSimeyoni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Isakare uyakuba nesabelo.