24 “Ngasemkhawulweni wakwaBenjamini, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uSimeyoni uyakuba nesabelo.
25 “Ngasemkhawulweni wakwaSimeyoni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Isakare uyakuba nesabelo.
26 “Ngasemkhawulweni wakwa-Isakare, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uZebuloni uyakuba nesabelo.
27 “Ngasemkhawulweni wakwaZebuloni, kusukela ohlangothi lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uGadi uyakuba nesabelo.
28 “Ngasemkhawulweni wakwaGadi, ohlangothini lwaseningizimu ngaseningizimu, umkhawulo uyakusuka eTamari kuze kube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni, ngaseLwandle Olukhulu.
29 “Yilo leli zwe eniyakulahlukanisa ngenkatho, libe yifa lezizwe zakwa-Israyeli; yilezi izabelo zazo, isho iNkosi uJehova.
30 “Nanka amacele omuzi: kusukela ohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa.