Uhezekeli 48:7-13 ZUL59

7 “Ngasemkhawulweni wakwaRubeni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uJuda uyakuba nesabelo.

8 “Ngasemkhawulweni wakwaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo, ububanzi bube yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ubude bube njengesinye sezabelo, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, indlu engcwele ibe phakathi naso.

9 “Umnikelo eniyakunikela ngawo kuJehova uyakuba yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi.

10 Nanku umnikelo ongcwele: owabapristi uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasenyakatho, nangasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, indlu engcwele kaJehova ibe phakathi nawo.

11 Uyakuba ngowabapristi, abangcwelisiweyo bamadodana kaSadoki, abagcine inkonzo yami; abadukanga lapho beduka abantwana bakwa-Israyeli, njengalokho aduka amaLevi.

12 Uyakuba kubo umnikelo womnikelo wezwe, into engcwelengcwele, ngasemkhawulweni wamaLevi.

13 “Maqondana nomkhawulo wabapristi amaLevi ayakuba nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi, bonke ubude bube yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi.