9 “Umnikelo eniyakunikela ngawo kuJehova uyakuba yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi.
10 Nanku umnikelo ongcwele: owabapristi uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasenyakatho, nangasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, indlu engcwele kaJehova ibe phakathi nawo.
11 Uyakuba ngowabapristi, abangcwelisiweyo bamadodana kaSadoki, abagcine inkonzo yami; abadukanga lapho beduka abantwana bakwa-Israyeli, njengalokho aduka amaLevi.
12 Uyakuba kubo umnikelo womnikelo wezwe, into engcwelengcwele, ngasemkhawulweni wamaLevi.
13 “Maqondana nomkhawulo wabapristi amaLevi ayakuba nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi, bonke ubude bube yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi.
14 Abayikuthengisa ngawo, bangenani ngawo, bangahlukaniseli abanye ulibo lwezwe, ngokuba lingcwele kuJehova.
15 “Izinkulungwane eziyisihlanu ezisele ebubanzini nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zasebudeni ziyakuba ngezokungengcwele, zibe ngezomuzi, ezokwakha nezamadlelo, umuzi ube phakathi nazo.