3 Uyakuthatha khona eziyingcosana, uzibophele emiphethweni yengubo yakho.
4 Futhi kuzona uyakuthatha, uziphonse phakathi komlilo, uzishise ngomlilo; kuyakuvela lapho umlilo, ungene endlini yonke yakwa-Israyeli.
5 “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lokhu kuyiJerusalema; ngilibekile phakathi kwezizwe, namazwe ayalihaqa.
6 Uhlubukile izahlulelo zami ngokwenza okubi kunezizwe, nezimiso zami kunamazwe alihaqayo, ngokuba balahlile izahlulelo zami nezimiso zami, abahambanga ngazo.
7 “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nibanga umsindo kunezizwe ezinihaqayo, ningahambi ngezimiso zami, ningazigcinanga izahlulelo zami, ningenzanga ngemithetho yezizwe ezinihaqayo,
8 ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, mina, yebo, mina ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho emehlweni ezizwe.
9 Ngiyakwenza kuwe lokho engingazange ngikwenze, nengingasayikukwenza okunjengakho ngenxa yazo zonke izinengiso zakho.