6 Uhlubukile izahlulelo zami ngokwenza okubi kunezizwe, nezimiso zami kunamazwe alihaqayo, ngokuba balahlile izahlulelo zami nezimiso zami, abahambanga ngazo.
7 “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nibanga umsindo kunezizwe ezinihaqayo, ningahambi ngezimiso zami, ningazigcinanga izahlulelo zami, ningenzanga ngemithetho yezizwe ezinihaqayo,
8 ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, mina, yebo, mina ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho emehlweni ezizwe.
9 Ngiyakwenza kuwe lokho engingazange ngikwenze, nengingasayikukwenza okunjengakho ngenxa yazo zonke izinengiso zakho.
10 Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.
11 Ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngakho konke okuzondekayo kwakho nangazo zonke izinengiso zakho, ngalokho ngiyakukunciphisa impela, iso lami lingahawukeli, ngingabi nabubele.
12 Inxenye yesithathu yakho iyakufa ngesifo, baphele nangendlala phakathi kwakho; inxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, nenxenye yesithathu iyakuhlakazwa kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.