7 Ababulawayo bayakuwa phakathi kwenu, nazi ukuthi mina nginguJehova.
8 “ ‘Kepha ngiyakushiya insali, nibe nabayakuphepha enkembeni phakathi kwezizwe, lapho nihlakazeka emazweni.
9 Abaphephayo benu bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo, lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.
10 Bayakwazi ukuthi nginguJehova; angishongo ngeze ukuthi ngiyakwenza lokhu okubi kubo.
11 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Shaya ngesandla sakho, udubhuze ngonyawo lwakho, uthi: “Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso ezimbi zendlu yakwa-Israyeli!” Ngokuba bayakuwa ngenkemba, nangendlala, nangesifo.
12 Okude uyakufa ngesifo, oseduze uyakuwa ngenkemba, oseleyo evinjezelwe uyakufa ngendlala, ngifeze kanjalo ukufutheka kwami kubo.
13 Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxazonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama-oki* adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.