19 Bayakuphonsa isiliva labo ezitaladini, igolide labo libe yinto engcolileyo, isiliva labo negolide labo kungabi namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo kaJehova; abayikusuthisa imiphefumulo yabo, bangagcwalisi izibilini zabo, ngokuba kade kuyisikhubekiso sobubi babo.
20 Ukukhazimula kwezimvunulo zakho bakubeka kwaba ngukuziqhenya, benza ngakho izithombe ezinengekayo nezizondekayo; ngalokho ngikwenzile kwaba yinto engcolileyo kubo.
21 Ngiyakukunikela esandleni sabafokazi, kudliwe, nakwababi bomhlaba, kube yimpango, bakungcolise.
22 Ngiyakufulathelisa ubuso bami kubo, balingcolise igugu lami, kungene kulo abaphangi, balingcolise.
23 “Yenza iketanga, ngokuba izwe ligcwele amacala egazi, nomuzi ugcwele ubudlova.
24 Ngiyakuletha izizwe ezimbi kakhulu, zidle izindlu zabo, ngiqede ukuzidla kwabanamandla, izindawo zabo ezingcwele zingcoliswe.
25 Ukunqunywa kuyeza; bayakufuna ukuthula, kepha akuyikuba khona.