7 Sekufikile kuwe ohlala ezweni; isikhathi sesifikile, usuku lusondele, olokukhathazeka, kungesilo olokujabula ezintabeni.
8 Manje sengiyakuthulula masinyane ukufutheka kwami phezu kwakho, ngifeze intukuthelo yami kuwe, ngikwahlulele njengezindlela zakho, ngehlisele phezu kwakho zonke izinengiso zakho.
9 Iso lami aliyikuhawukela, ngingabi nabubele, ngehlisele phezu kwakho njengezindlela zakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho, nazi ukuthi mina Jehova ngiyashaya.
10 “Bhekani usuku! Bhekani luyeza, sekuphezu kwakho; induku iyaqhakaza; ukuzidla kuyahluma.
11 Ubudlova buyavuka, bube yintonga yokubi, kungasali muntu kubo nasesixukwini sabo, kungasali lutho emfuyweni yabo nasebukhosini babo.
12 Isikhathi sesifikile, usuku lusondele; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ukufutheka kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.
13 Ngokuba umthengisi akayikubuyela kokuthengisiweyo, nakuba esekhona phakathi kwabaphilayo, ngokuba umbono wesixuku sonke awuyikubuya, futhi akuyikubakho muntu ongabambelela ekuphileni ngenxa yobubi bakhe.