1 Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami, amalunga akwaJuda ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami.
2 Ngase ngibona, bheka, kwakunjengokubonakala komlilo; kusukela kokungathi ukhalo kuya phansi kwakungumlilo, kusukela okhalweni kuya phezulu kwakunjengokukhazimula nanjengethusi elimenyezelayo.
3 Wayeselula kungathi isandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema esivalweni sesango legceke elingaphakathi elibheke ngasenyakatho, lapho kwakukhona isihlalo sesithombe somhawu, esibanga umhawu.
4 Bheka, inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayilapho njengokuyibona kwami esigodini.