5 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ake uphakamise amehlo akho ngendlela yasenyakatho.” Ngase ngiwaphakamisa amehlo ami ngendlela yasenyakatho; bheka, ngasenyakatho kwesango lase-altare lesi sithombe somhawu sasisentubeni.
6 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini abakwenzayo, izinengiso ezinkulu indlu yakwa-Israyeli ezenzayo lapha ukuba ngidede kude nendlu yami engcwele na? Kepha uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu.”
7 Wayesengiyisa esangweni legceke. Ngabona, bheka, nanso imbobo ogangeni.
8 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, gebhula ogangeni.” Nanxa sengigebhulile ogangeni, bheka, nanko umnyango.
9 Wayesethi kimi: “Ngena ubone izinengiso ezimbi abazenzayo lapha.”
10 Ngangena, ngabona; bheka, zonke izimo zezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilwane ezinengekayo, nazo zonke izithombe zendlu ka-Israyeli kudwetshiwe odongeni nxazonke.
11 Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.