7 Wayesengiyisa esangweni legceke. Ngabona, bheka, nanso imbobo ogangeni.
8 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, gebhula ogangeni.” Nanxa sengigebhulile ogangeni, bheka, nanko umnyango.
9 Wayesethi kimi: “Ngena ubone izinengiso ezimbi abazenzayo lapha.”
10 Ngangena, ngabona; bheka, zonke izimo zezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilwane ezinengekayo, nazo zonke izithombe zendlu ka-Israyeli kudwetshiwe odongeni nxazonke.
11 Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.
12 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: ‘UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.’ ”
13 Futhi wathi kimi: “Uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu abazenzayo.”