Umika 1 ZUL59

Ukwahlulelwa kukaJuda no-Israyeli

1 Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.

2 Zwanini, bantu bonke,uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho,iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani,iNkosi isethempelini layo elingcwele.

3 Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe,ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.

4 Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe,nezigodi ziyakuqhekezekanjengengcina phambi komlilo,njengamanzi athululwe emaweni.

5 Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobenangezono zendlu yakwa-Israyeli.Siyini isiphambeko sikaJakobe?Asiyilo iSamariya na?Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda?Aziyilo iJerusalema na?

6 “Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendlenendawo yokutshala izivini,ngiqulele amatshe alo esigodini,ngambule isisekelo salo.

7 Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa,nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo,nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo,ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe;kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”

8 Ngenxa yalokho ngiyakukhala,ngihhewule,ngihambe ngihlutshuliwe,ngihamba ze;ngenze isililo njengamakhanka,ngikhale njengezintshe.

9 Ngokuba amanxeba alo awanakuphulukiswa,lokhu sekufikile nakwaJuda,kufinyelela esangweni labantu bami naseJerusalema.

10 Ningakulandisi eGati, ningakhali e-Akha;eBeti Afera huquzelani othulini.

11 Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo;abakhe eSawanani abaphumi;ukukhala kwaseBeti Eseli akunivumeli ukuhlala khona.

12 Ngokuba abakhe eMaroti banemihelo ngokuhle,lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova,kwafika esangweni laseJerusalema.

13 Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane,nina enakhileyo eLakishi;lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni,ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.

14 Ngalokho uyakupha iMoresheti Gati isipho sokuvalelisana;izindlu zase-Akizibi ziyakuba yinkohliso kuwo amakhosi akwa-Israyeli.

15 Ngisezakwehlisa phezu kwenuenakhileyo eMaresha oyakunidla:udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulamu.

16 Ziphucule,zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho,wandise ubumpandla bakho njengenqe,ngokuba bayakuthunjwa kuwe.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7