Umika 2 ZUL59

Ukuxwayiswa kwabacindezeli

1 Wo! kwabaceba ububi,benze okubi emibhedeni yabo!Ekukhanyeni kokusa bayakwenza,ngokuba kusemandleni ezandla zabo.

2 Bafisa amasimu, bawadluzule,nezindlu, bazisuse;bacindezela indoda nendlu yayo,umuntu nefa lakhe.

3 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni,eningayikukhipha kukho izintamo zenu;futhi ningahambi ngokuzidla,ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.

4 Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani,bakhale isililo, bathi:‘Sichithiwe nokuchithwa;isabelo sabantu bami sinikwa omunye;yeka ukubuya kwakhe kimi;abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”

5 Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkathoebandleni likaJehova.

6 “Ningaprofethi,” baprofetha,basho njalo,“ningaprofethi ngalokho;ihlazo aliyikusifica.”

7 Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe,ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile;yizenzo zakhe lezi na?“Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?

8 Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha;nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba,befulathele ukulwa.

9 Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo,nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.

10 Sukumani nihambe,ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu;ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.

11 Uma bekuhambahamba umuntuokhuluma umoya nje namanga, athi:‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.

12 “Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho;ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli;ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira,njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo,kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.

13 Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo;sebefohlile, badlulela esangweni,baphuma ngalo;inkosi yabo idlulile phambi kwabo,noJehova usesihlokweni sabo.”

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7